UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qinisa Ukholo Lwakho Ngezwi LikaNkulunkulu
IZwi LikaNkulunkulu lingashintsha ukuphila kwethu. (Heb 4:12) Nokho, ukuze iziqondiso nezeluleko zalo zisizuzise, kudingeka siqiniseke ukuthi ‘liyizwi likaNkulunkulu’ ngempela (1Th 2:13) Singaliqinisa kanjani ukholo lwethu sisebenzisa iBhayibheli?
Funda ingxenye ethile yeBhayibheli usuku ngalunye. Njengoba ufunda, bheka ubufakazi bokuthi uJehova unguMbhali walo. Ngokwesibonelo, hlola ubufakazi obutholakala encwadini yezAga, uhlole nokuhlakanipha kwalo okungaphelelwa isikhathi.—IzA 13:20; 14:30.
Qala umgomo wokutadisha. Zijwayelanise nobufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe. ENcwadini Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova, bheka ngaphansi kwesihlokwana esithi “IBhayibheli” nesithi “Liphefumulelwe UNkulunkulu.” Ungaphinde uqinise ukholo lwakho lokuthi umyalezo weBhayibheli awukaze ushintshe ngokuhlola ukwazisa okuqukethwe ISithasiselo A3 eBhayibhelini ImiBhalo Engcwele.
BUKELANI IVIDIYO ETHI OKWENZA SIBE NOKHOLO. . . EZWINI LIKANKULUNKULU BESE NIPHUNDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Ukutholakala kodonga lwethempeli eKarnak, e-Egypt, kukufakazela kanjani ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso?
-
Sazi kanjani ukuthi umyalezo weBhayibheli awukashintshi?
-
Ukusinda kweBhayibheli kukwenza kanjani ukholelwe ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu?—Funda u-Isaya 40:8