Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Zilungiselele Manje Izimo Eziphuthumayo Zokwelashwa

Zilungiselele Manje Izimo Eziphuthumayo Zokwelashwa

Kungani kufanele uzilungiselele? Izimo eziphuthumayo zokwelashwa nokulaliswa esibhedlela yizinto ezingenzeka kungazelelwe. Ngakho, ngaphambi kokuba kube nesimo esiphuthumayo, thatha isinyathelo ukuze uthole usizo olungakwenza welashwe ngezinga elingcono. Ngokwenza kanjalo, ubonisa ukuthi uhlonipha ukuphila nomthetho kaJehova ngegazi.​—IzE 15:28, 29.

Yini ongayenza ukuze uzilungiselele?

  • Thandaza futhi uligcwalise ngokucophelela ikhadi legazi i-DPA. a Abamemezeli ababhapathiziwe bangazitholela ikhadi i-DPA nekhadi lezingane ezincane i-Identity Card (ic) encekwini yezincwadi

  • Uma ukhulelwe, ungacela abadala bakunikeze ikhophi yelithi Ukwaziswa Okulungiselelwe Abesifazane Abakhulelwe (S-401). Leli fomu lizokusiza wenze izinqumo ezinhle ngokuphathelene nenzinkinga zokwelashwa ezingaba khona phakathi nokukhulelwa kwakho nokubeletha

  • Uma kudingeka welashwe ngendlela ethile engase ihilele igazi noma ukulaliswa esibhedlela, yazisa abadala bebandla kusenesikhathi futhi wazise nesibhedlela ukuthi kuzofika isikhonzi esivela koFakazi BakaJehova

Abadala bangasiza kanjani? Bangakusiza ugcwalise ikhadi lakho legazi i-DPA. Nokho, ezindabeni zokwelashwa, abadala ngeke banqume noma baveze imibono yabo ngalokho umuntu akukhethayo. (Rom 14:12; Gal 6:5) Lapho wazisa abadala bebandla ukuthi ubhekene nesimo sokwelashwa esingase sihilele igazi, ngokushesha bazokuthintela iKomiti Ebonisana Nezibhedlela (HLC).

I-HLC ingasiza kanjani? Abazalwane abakhonza ku-HLC baqeqeshiwe ukuze basize labo abasebenza kwezokwelashwa nezomthetho ukuba baqonde izinkolelo zethu ngokuphathelene negazi. Bangaxoxa nodokotela ngezindlela zokwelashwa ezihlukahlukene ezingahileli ukumpontshelwa kwegazi. Uma kudingeka, bangakusiza uthole udokotela ozohambisana nale ndlela yokwelashwa engahileli igazi.

BUKELANI IVIDIYO ETHI INDLELA YOKWENZA IZINQUMO ZOKWELASHWA EZIPHATHELENE NEGAZI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini oyifundile kule vidiyo engakusiza ulungiselele izimo eziphuthumayo zokwelashwa ezihilela ukusetshenziswa kwegazi?

a Isifundo 39 encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! singakusiza wenze izinqumo zokwelashwa ezihilela ukusetshenziswa kwegazi.