Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uyasisiza Sikhuthazelele Izilingo

UJehova Uyasisiza Sikhuthazelele Izilingo

Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, sibhekana nezilingo eziningi ezinzima. Ngezinye izikhathi, singabona sengathi izilingo esibhekene nazo zingaphezu kwamandla. Nokho, uma siqhubeka sisondela kuJehova uzosisiza sikwazi ukukhuthazelela ngisho nezilingo ezibuhlungu. (Isay 43:2, 4) Singasondela kanjani kuJehova lapho sibhekene nezilingo?

Umthandazo. Lapho sithululela isifuba sethu kuJehova ngomthandazo, uzosinika ukuthula namandla ukuze sikhuthazele.​—Flp 4:6, 7; 1Th 5:17.

Imihlangano. Manje sikudinga nakakhulu ukudla okungokomoya nokuzihlanganisa nabanye njengoba uJehova esilungiselele khona ngemihlangano yethu. (Heb 10:24, 25) Lapho silungiselela, siya emihlanganweni futhi siba nengxenye kuyo, siyazuza ngokugcwele emoyeni ongcwele kaJehova.—IsA 2:29.

Enkonzweni. Kuzoba lula ukugxila ezintweni ezakhayo uma senza konke esingakwenza ukuze sihlale simatasa enkonzweni. Singaphinde siqinise ubungane bethu noJehova nesisebenza nabo enkonzweni.​—1Ko 3:5-10.

BUKELANI IVIDIYO ETHI UJEHOVA WANGAMUKELA, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini eyasiza uMalu wahlala esondelene noJehova lapho ebhekene nezilingo?

  • NjengoMalu, amazwi atholaka encwadini yeHubo 34:18 angasiduduza kanjani lapho sibhekene nezilingo?

  • Lokho uMalu abhekana nakho kusibonisa kanjani ukuthi uJehova usinika “amandla angaphezu kwavamile” lapho sibhekene nezilingo?​—2Ko 4:7