Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Febhuwari 3-9

IHUBO 144-146

Febhuwari 3-9

Ingoma 145 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Bayajabula Abantu AbanoNkulunkulu OnguJehova!”

(10 imiz.)

UJehova uyababusisa abathembela kuye (Hu 144:​11-15; w18.04 32 ¶3-4)

Ithemba esinalo liyasithokozisa (Hu 146:5; w22.10 28 ¶16-17)

Abantu abanoNkulunkulu onguJehova bayojabula kuze kube phakade (Hu 146:10; w18.01 26 ¶19-20)

Lapho sikhonza uJehova ngokwethembeka, singajabula ngisho noma sinezinkinga

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 145:​15, 16—La mavesi kufanele asenze siziphathe kanjani izilwane? (it-1-E 111 ¶9)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Umuntu ukutshela ukuthi ufunda eyunivesithi. (lmd isifundo 1 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Yethula ividiyo eseBhokisini Lokufundisa bese nixoxa ngayo. (lmd isifundo 7 iphuzu 4)

6. Inkulumo

(4 imiz.) lmd isithasiselo A iphuzu 7—Isihloko: Inkosikazi Kufanele Imhloniphe Ngokujulile Umyeni Wayo. (th isifundo 1)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 59

7. UJehova Ufuna Ujabule

(10 imiz.) Ingxoxo.

UJehova unguNkulunkulu ojabulayo. (1Ti 1:11) Usinikeze izipho eziningi ezinhle ezibonisa ukuthi usithanda kakhulu kangakanani nokuthi ufuna sijabule. (Shu 3:​12, 13) Cabanga ngezimbili zalezi zipho—ukudla nomsindo.

Dlala IVIDIYO ethi Indalo Ifakazela Ukuthi UJehova Ufuna Sijabule—Ukudla Okwehla Esiphundu Nemisindo Ejabulisayo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani izipho eziwukudla nomculo zikwenza uqiniseke ngokuthi uJehova ufuna ujabule?

Funda iHubo 32:8. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani ukwazi ukuthi uJehova ufuna ujabule kukusiza ukuba ulalele iziqondiso asinike zona eBhayibhelini nasinika zona ngenhlangano yakhe?

8. Izidingo Zebandla

(5 imiz.)

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 22 ¶1-6

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 85 Nomthandazo