Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Januwari 20-26

IHUBO 138-139

Januwari 20-26

Ingoma 93 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Ungavumeli Ukwesaba Kukuvimbe

(10 imiz.)

Sifuna ukudumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yethu (Hu 138:1)

Lapho uzizwa wesaba ukuba nengxenye ethile emhlanganweni webandla, ncika kuJehova ukuze akusize (Hu 138:3)

Ukwesaba kungaba yinto enhle (Hu 138:6; w19.01 10 ¶10)

ICEBISO: Ukugcina izimpendulo zethu zimfushane kungasisiza sinciphise ukwesaba.—w23.04 21 ¶7.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 139:​21, 22—Ingabe kuyimfuneko ngamaKristu ukuba athethelele wonke umuntu? (it-1-E 862 ¶4)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. (lmd isifundo 2 iphuzu 3)

5. Ukwenza Abafundi

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Cela isifundo seBhayibheli bese uyabonisa ukuthi siqhutshwa kanjani. (lmd isifundo 10 iphuzu 3)

6. Inkulumo

(5 imiz.) ijwyp isihloko 105—Isihloko: Ngingawanqoba Kanjani Amahloni? (th isifundo 16)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 59

7. Ungaphumelela Enkonzweni Yakho Yize Unamahloni

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ingabe unamahloni? Ingabe uthanda ukunganakwa lapho uphakathi kwabantu? Ungenwa amanzi emadolweni uma ucabanga ngokuxoxa nabantu ongabazi? Ngezinye izikhathi ukuba namahloni kungenza kube nzima ukwenza izinto esithanda ukuzenza. Noma kunjalo, abaningi ababenenkinga yokuba namahloni baye bakwazi ukuxoxa nabanye ngeBhayibheli futhi baphumelela enkonzweni yabo. Yini esingayifunda esibonelweni sabo?

Dlala IVIDIYO ethi Ngenza Konke Engingakwenza Nakuba Nginamahloni. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • UDade Lee uzuze kanjani ngokusebenzisa iseluleko sikagogo wakhe ‘sokusebenzisa wonke amandla akhe ekukhonzeni uJehova’?

IBhayibheli lisembulela ukuthi uMose, uJeremiya noThimothewu kungenzeka babenamahloni. (Eks 3:11; 4:10; Jer 1:​6-8; 1Ti 4:12) Noma kunjalo, bakwazi ukufeza izinto ezinkulu enkonzweni kaJehova ngoba uJehova wayenabo. (Eks 4:12; Jer 20:11; 2Ti 1:​6-8)

Funda u-Isaya 43:​1, 2. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • UJehova ubathembisani abakhulekeli bakhe?

UJehova angabasiza kanjani labo abanamahloni ukuba baphumelele enkonzweni yabo?

Dlala IVIDIYO ethi Ukubhapathizwa Kungakwenza Kanjani Ujabule—Isiqeshana. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • UDade Jackson uwabone kanjani amandla nokusekela kukaJehova enkonzweni?

  • Inkonzo ingamsiza kanjani umuntu onamahloni?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 151 Nomthandazo