Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Januwari 27–Febhuwari 2

IHUBO 140-143

Januwari 27–Febhuwari 2

Ingoma 44 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Yenza Ngokuvumelana Nemithandazo Yakho Yokukhalela Usizo

(10 imiz.)

Kulungele ukwamukela iseluleko noma isiyalo (Hu 141:5; w22.02 12 ¶13-14)

Zindla ngendlela uJehova akusize ngayo esikhathini esidlule (Hu 143:5; w10 3/15 32 ¶4)

Zama ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo (Hu 143:10; w15 3/15 32 ¶2)

IHubo 140-143 linamazwi kaDavide okukhalela usizo, liphinde libe namazwi abonisa ukuthi wenza ngokuvumelana nezicelo zakhe.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 140:3—Kungani uDavide efanisa ulimi lwabantu ababi nolwenyoka? (it-2-E 1151)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Ngemva kokusiza umuntu ngokoqobo, shintsha ingxoxo ukhulume ngokuthile okuseBhayibhelini. (lmd isifundo 3 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Umuntu ukutshela ukuthi umatasa. (lmd isifundo 7 iphuzu 3)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Umboniso. ijwfq isihloko 21—Isihloko: Kungani OFakazi BakaJehova Benqaba Ukumpontshelwa Igazi? (th isifundo 7)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 141

7. Zilungele Izimo Ezidinga Ukuba Welashwe Noma Uhlinzwe

(15 imiz.) Ingxoxo.

UJehova uthembisa ukuba “usizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka.” (Hu 46:1) Izimo ezidinga ukuba selashwe noma sihlinzwe zingabangela ukucindezeleka. Noma kunjalo, uJehova usinike konke esikudingayo ukuze sizilungele lezo zimo. Ngokwesibonelo, inhlangano yakhe isilungiselele ikhadi legazi i-durable power of attorney (DPA), i-Identity Card, a nokunye ukwaziswa okuphathelene nezokwelashwa b kanye namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela (HLC). Lezi zinto ziyasisiza silalele umthetho kaNkulunkulu mayelana negazi.—IzE 15:​28, 29.

Dlala IVIDIYO ethi Ingabe Uzilungele Izimo Ezidinga Ukuba Welashwe? Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Abanye kubazuzise kanjani ukugcwalisa ikhadi legazi iDPA?

  • Ukwaziswa Okuphathelene Nawomama Abakhulelwe (S-401) kubasize kanjani abanye?

  • Kungani kubalulekile ukuxhumana neHLC ngokushesha lapho kuba nesimo esidinga ulaliswe esibhedlela, uhlinzwe, noma welashelwe isifo esithile, njengomdlavuza, ngisho noma kubonakala sengathi ngeke kube nenkinga yegazi?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 103 Nomthandazo

a Abamemezeli ababhapathiziwe bangazitholela ikhadi iDPA encekwini yezincwadi, batholele nezingane zabo ezincane i-Identity Card.

b Ukwaziswa Okuphathelene Nawomama Abakhulelwe (S-401), Ukwaziswa Okuphathelene Neziguli Ezidinga Ukuhlinzwa Noma I-Chemotherapy (S-407) Nokwaziswa Kwabazali Abanezingane Ezidinga Ukwelashwa (S-55) kungacelwa kubadala uma kudingeka.