Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Januwari 6-12

IHUBO 127-134

Januwari 6-12

Ingoma 134 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Bazali—Qhubekani Ninakekela Ifa Lenu Eliyigugu

(10 imiz.)

Abazali bangaqiniseka ngokuthi uJehova uzobasiza bakwazi ukunakekela izidingo zemindeni yabo (Hu 127:​1, 2)

Abantwana bayisipho esiyigugu esivela kuJehova (Hu 127:3; w21.08 5 ¶9)

Qeqesha umntwana ngamunye ngokwezidingo zakhe (Hu 127:4; w19.12 27 ¶20)

UJehova uyajabula lapho abazali bencika kuye futhi benza konke okusemandleni abo ukuze banakekele izingane zabo

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 128:3—Kungani umhubi efanisa abantwana namahlumela esihlahla somnqumo? (it-1-E 543)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. (lmd isifundo 1 iphuzu 3)

5. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Umuntu uveza inkolelo ephikisana nalokho okufundiswa iBhayibheli. (lmd isifundo 5 iphuzu 4)

6. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 16 amaphuzu 4-5. Xoxa nomuntu omfundela iBhayibheli ngamalungiselelo owenzile ukuze aqhubeke efundelwa lapho wena ungekho. (lmd isifundo 10 iphuzu 4)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 13

7. Bazali—Ingabe Nizibekela Isibonelo Esihle Izingane Zenu?

(15 imiz.) Ingxoxo.

Inhlangano kaJehova ikhiqize izinto eziningi kakhulu ukuze isize abazali bafundise izingane zabo ngoJehova. Noma kunjalo, enye yezindlela ezinhle kakhulu zokufundisa izingane zakho ukuzibekela isibonelo esihle.—Dut 6:​5-9.

UJesu wasebenzisa le ndlela ukuze afundise abafundi bakhe.

Funda uJohane 13:​13-15. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Kungani ucabanga ukuthi indlela kaJesu yokufundisa ngokubeka isibonelo yayisebenza?

Njengomzali, izenzo zakho zingasiza izingane zakho zibone ukuthi izinto ozifundisa zona ziyazuzisa. Isibonelo sakho esihle siphinde senze izingane zakho zikuhloniphe lokho okufundisayo futhi zikulalele.

Dlala IVIDIYO ethi Ukufundisa Izingane Zethu Ngokuzibekela Isibonelo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Yiziphi izifundo ezibalulekile uMfowethu noDadeweth’ uGarcia abazifundisa amadodakazi abo?

  • Ingabe le vidiyo iyakwenza ufise ukuqhubeka ubekela izingane zakho isibonelo esihle? Kungani usho kanjalo?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 73 Nomthandazo