“Nina Nibaluleke Ngaphezu Kondlunkulu Abaningi”
Wayekhuluma ngani uJesu kuLuka 12:6, 7? Evesini 4, sifunda ukuthi uJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi bangabesabi labo ababeyobaphikisa noma ababeyobabulala. Wayelungiselela abafundi bakhe ukuphikiswa ababeyobhekana nakho. Wabaqinisekisa ukuthi uJehova ubheka inceku yaKhe ngayinye njengebalulekile futhi wayengeke avumele imiphumela yokuhlukunyezwa ihlale unomphela.
Singayilingisa kanjani indlela uJehova akhathalela ngayo labo ababhekene noshushiso?
Singayitholaphi imininingwane yakamuva ngoFakazi BakaJehova ababoshelwe ukubonisa ukholo lwabo?
Bangaki abafowethu nodadewethu ababoshiwe?