Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Akulukhuni Ukuba Nesibindi

Akulukhuni Ukuba Nesibindi

Umuntu onesibindi akalona igwala. Lokho akusho ukuthi akesabi. Kunalokho, kusho ukwenza okuthile nakuba sesaba. UJehova unguMthombo wesibindi sangempela. (IHu 28:7) Abasebasha bangasibonisa kanjani isibindi?

BUKELANI IVIDIYO ETHI LINGISA LABO ABANESIBINDI HHAYI AMAGWALA! BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini abasha ababhekana nayo eyenza badinge isibindi?

  • Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezisenza sibe nesibindi?

  • Thina nalabo abasibukele sizuza kanjani lapho sibonisa isibindi?