UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ningalokothi Nikhathazeke”
UJehova wabasiza abahluphekayo kwa-Israyeli wasendulo. Yiziphi izindlela asiza ngazo izinceku zakhe ezihluphekayo namuhla?
-
Uzifundise ukuba zibe nombono ofanele ngemali.—Luk 12:15; 1Ti 6:6-8
-
Uzisizile ukuba zingazenyezi nakuba zihlupheka.—Job 34:19
-
Uzifundise ukuba zisebenze kanzima futhi zigweme imikhuba elimazayo.—IzA 14:23; 20:1; 2Ko 7:1
-
Uzenze zaba ingxenye yamaKristu athandanayo.—Joh 13:35; 1Jo 3:17, 18
-
Uzinikeze ithemba.—IHu 9:18; Isay 65:21-23
Noma ngabe sibhekene nesimo esinzima, akudingeki sikhathazeke. (Isay 30:15) UJehova uyosinakekela ngesikudingayo uma nje sifuna uMbuso wakhe kuqala.—Mat 6:31-33.
BUKANI IVIDIYO ETHI UTHANDO ALUSOZE LWAPHELA NANINI NAPHEZU . . . KOBUMPOFU—CONGO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Abazalwane abahlala ezindaweni eziseduze nendawo yomhlangano babamukela kanjani ngothando labo abasuka kude beze emhlanganweni?
-
Ividiyo isifundisani ngendlela uJehova abathanda ngayo abampofu?
-
Singamlingisa kanjani uJehova kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu?