Julayi 19-25
DUTERONOMI 16-18
Ingoma 115 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Izimiso Zokwahlulela Ngokulunga”: (10 imiz.)
Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Dut 17:7—Kungani uMthetho wawuthi ofakazi ababone othile enza okubi kwakumelwe kube yibo abamshaya kuqala ngamatshe onecala? (it-1-E 787)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye ongathanda ukusixoxela ngakho?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz.) Dut 16:9-22 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz.) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Nikeza umninikhaya umagazini ohambisana nalokho akhuluma ngakho. (th isifundo 3)
Lapho Ubuyela Koxoxe Naye: (4 imiz.) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Mnikeze okuthile okuseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. (th isifundo 4)
Inkulumo: (5 imiz.) w17.11 17 16-18—Isihloko: Ingabe Ibandla LobuKristu Linabo Abahluleli? (th isifundo 18)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ungaba Yini Yiphayona Elivamile?: (10 imiz.) Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo esekelwe esihlokweni esithi “Ungakuzama Yini Unyaka Owodwa?” nesithi “Izimiso Zamaphayona Avamile” ezise-Ncwajaneni YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu kaJulayi 2016. Dlala ividiyo ethi UJehova Uyayisekela Inkonzo Yethu bese nixoxa ngayo.
Izidingo Zebandla: (5 imiz.)
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) rr isahl. 11 ¶1-8 nevidiyo eyisethulo
Amazwi Okuphetha (3 imiz.)
Ingoma 60 Nomthandazo