Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Yiba Nozwela

Yiba Nozwela

Uzwela ikhono lokuqonda indlela abanye abacabanga ngayo, imizwa yabo nokuthi yini ebalulekile kubo kanye nezidingo zabo. Abanye bayashesha ukubona uma sinozwela, futhi luyisifiso sokusiza esisuka enhliziyweni. Lapho siba nozwela ensimini sibonisa uthando nendlela uJehova anakekela ngayo, futhi lokhu kusondeza abantu kuye.​—Flp 2:4.

Ukubonisa uzwela akuyona nje indlela yokufundisa. Kubonakala endleleni esilalela ngayo, esikhuluma ngayo, esimweni sethu sengqondo, endleleni esinyakaza ngayo nasebusweni bethu lapho sikhuluma. Sibonisa uzwela ngokuthi sibe nendaba nomuntu. Siyaziqaphela izinto azithandayo, azikholelwayo nezimo zakhe. Simnikeza ulwazi oluwusizo futhi simsize kodwa asimphoqi ukuba ashintshe. Uma abantu bevuma ukuba sibasize siyayijabulela nakakhulu inkonzo yethu.

BUKANI IVIDIYO ETHI THUTHUKISA AMAKHONO AKHO UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI​—YIBA NOZWELA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali efika sekwephuzile?

  • UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali ethi ngeke bakwazi ukufunda ngenxa yokuthi ucindezeleke kakhulu?

  • Abantu bayasondela kuJehova lapho sibabonisa uzwela

    UNonto waba kanjani nozwela lapho uMbali ethi akahlelekile kahle?