Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU | ZIBEKELE IMIGOMO YONYAKA OMUSHA WENKONZO

Ukuphayona

Ukuphayona

Siwaqondisa ngobuhlakani amagalelo ethu lapho sizibekela imigomo engokomoya. (1Ko 9:26) Imigomo iyasisiza sisisebenzise kangcono isikhathi esisele ngaphambi kokuphela kwalesi simiso. (Efe 5:15, 16) Ekukhulekeleni komkhaya okulandelayo, kunganjani nixoxe ngemigomo eningazibekela yona onyakeni wenkonzo olandelayo? Ukuze nithole usizo, le ncwajana yomhlangano inezihloko ezikhuluma ngemigomo eminingana eningayicabangela ngomthandazo.​—Jak 1:5.

Ngokwesibonelo, umndeni ungakwazi yini ukubambisana, usize okungenani oyedwa abe yiphayona elivamile? Uma ungaqiniseki ngokuthi uzokwazi yini ukufinyelela amahora adingekayo, khuluma namanye amaphayona anezimo ezifana nezakho. (IzA 15:22) Mhlawumbe ningaze nixoxe nephayona phakathi nokukhulukela kwenu komkhaya. Yibani senibhala phansi isimiso esingasebenza. Uma wake waphayona, hlola ukuthi izimo zakho zingakuvumela yini ukuba uphinde uphayone.

Bakhona yini emndenini abangaphayona inyanga eyodwa noma ngaphezulu? Uma amandla engavumi, ungase ukwazi ukuba yiphayona elisizayo ngokuchitha esikhathi esincane enkonzweni usuku ngalunye. Uma unesikhathi esilinganiselwe sokuya enkonzweni phakathi nesonto ngenxa yokuthi usebenza isikhathi esigcwele noma uyafunda, mhlawumbe ungakhetha inyanga eneholidi noma enezimpela-sonto ezinhlanu. Bhalani ekhalendeni ukuthi nizophayona nini, nibhale nesimiso enizosisebenzisa.​—IzA 21:5.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YIBA IPHAYONA ELINESIBINDI, BESE NIPHENDULA LO MBUZO:

  • Indaba kaDadeweth’ u-Aamand isifundisani ngendlela uJehova abathanda ngayo labo abazidelayo ukuze baphayone?