UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Umkhankaso Okhethekile Wokuqalisa Izifundo ZeBhayibheli NgoSepthemba
Phakathi noSepthemba, siyosebenza kanzima ukuze sicele izifundo zeBhayibheli kuyo yonke imizi, sisebenzisa incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! Abamemezeli bangakhetha ukuba amaphayona asizayo babike amahora angu-30. Sizowenza kanjani lo mkhankaso okhethekile?
-
Engxenyeni ethi Lapho Nixoxa Okokuqala: Sebenzisa isembozo esingemuva sencwajana ukuze usize umuntu abe nothando lokufunda bese uzama ukumbonisa ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo. Ungabakhohlwa labo ababonise ukuthi bayakuthanda ukufunda, kuhlanganise nalabo oke waxoxa nabo. Ngisho noma basenqaba isifundo ngaphambili, kungenzeka manje bayafuna ukufunda ngale ndlela entsha besebenzisa le ncwajana. Akufanele sishiye izincwajana emizini engenabantu noma sizifake ezincwadini esizibhalele abantu abangakaze babonise ukuthi bayathanda ukufunda. IKomiti Yenkonzo Yebandla ingase ihlele imihlangano yenkonzo eyengeziwe phakathi nenyanga.
-
Amanye Amathuba: Uma ibandla lenu lizisebenzisa izinqola zokushumayela, bekani incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! ibonakale. Batshele labo abathanda ukufunda ukuthi ukuthatha le ncwajana kuhambisana nokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli samahhala. Elapho, mbonise kafushane ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli noma uhlele ukwenza kanjalo ngesinye isikhathi. Umbonisi wenkonzo angahlela ukuba abamemezeli abafanelekayo basebenze insimu yamabhizinini futhi bacele ukuqhubela abantu izifundo. Ungase ucele ukufundela osebenza nabo iBhayibheli noma abantu obathola lapho ushumayela ngokwethukela.
UJesu wasiyala ukuba ‘siyokwenza abafundi,’ ‘sibafundise.’ (Mat 28:19, 20) Kwangathi lo mkhankaso okhethekile ungasisiza siwufeze lomyalo sisebenzisa le ncwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade!