UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ingabe Uyazama Ukubona Izimpendulo ZemithandazoYakho?
IBhayibheli liqukethe izibonelo zemithandazo eyaphendulwa nguJehova. Lapho izinceku zikaNkulunkulu zibona indlela uJehova azilalela futhi wazisiza ngayo, akungabazeki ukuthi ukholo lwazo lwaqina. Ngaleyo ndlela kuhle ukuba sizisho ngokuqondile izinto esizicelayo emithandazweni yethu bese sizama ukubona izimpendulo zikaJehova. Khumbula ukuthi izimpendulo zakhe zingase zihluke noma uthole okungaphezu kwalokho okucelile. (2Ko 12:7-9; Efe 3:20) Iyiphi enye indlela uJehova angayiphendula ngayo imithandazo yethu?
-
Usinika amandla, asenze sizole noma asiqinise ngokomoya ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga.—Flp 4:13
-
Usinika ukuhlakanipha ukuze sikwazi ukwenza izinqumo ezinhle.—Jak 1:5
-
Usinika isifiso namandla okwenza.—Flp 2:13
-
Usinika ukuthula lapho sikhathazekile.—Flp 4:6, 7
-
Usebenzisa abanye ukuba basisize ngezinto esizidingayo noma basiduduze futhi basikhuthaze.—1Jo 3:17, 18
BUKELANI IVIDIYO ETHI UJEHOVA ‘UYAYILALELA IMITHANDAZO’ BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Lokho okwenzeka kuMfoweth’ uShimizu kungasikhuthaza kanjani uma singakwazi ukwenza okuningi ngenxa yezinkinga zempilo?
-
Singasilingisa kanjani isibonelo sikaMfoweth’ uShimizu?