Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Yokusebenzisa Ingxenye Ethi Ongase Uxoxe Ngakho

Indlela Yokusebenzisa Ingxenye Ethi Ongase Uxoxe Ngakho

Kusetshenzwa kanzima ukuze kulungiselelwe ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho, abamemezeli abaningi bayithole iwusizo ensimini. Nokho, ngenxa yokuthi izimo azifani emhlabeni wonke, abamemezeli bakhululekile ukusebenzisa intshumayelo ehlukile noma ukuxoxa ngesinye isihloko esizokhanga abantu enkonzweni yabo. Noma kunjalo, bonke kumele balandele iziqondiso zomkhankaso okhethekile. Umgomo wethu uwukufeza umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.​—Mat 24:14.

Lapho benza izabelo zabafundi, abamemezeli kufanele baxoxe ngesihloko esisengxenyeni ethi Ongase Uxoxe Ngakho esiseNcwajaneni YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo. Nokho, ngaphandle kwalapho kuboniswe ngenye indlela, bakhululekile ukukhetha omunye umbuzo, umBhalo, lokho abangaxoxa ngakho ngokuzayo noma ukuhlelwa kwayo okungasebenza ensimini yabo. Lokhu kulungisa isiqondiso esisekhasini 8 lencwajana yomhlangano kaJuni 2020.