Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU | ZIBEKELE IMIGOMO YONYAKA OMUSHA WENKONZO

Thuthela Endaweni Enesidingo Esikhulu Sabamemezeli

Thuthela Endaweni Enesidingo Esikhulu Sabamemezeli

Ukuthutha endaweni oyijwayele uye kwentsha ukuze wandise inkonzo yakho kudinga ukholo. (Heb 11:8-10) Uma ucabanga ukuthuthela lapho kunesidingo esikhulu khona, khuluma nabadala. Yiziphi izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha ukuze ubale izindleko futhi ukhethe indawo? Funda izincwadi zethu ezikhuluma ngokukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona. Khuluma nalabo abaye bathutha ukuze basize kwelinye ibandla. (IzA 15:22) Thandaza kuJehova ucele isiqondiso. (Jak 1:5) Thola okwengeziwe ngendawo ocabanga ukuya kuyo, uma kungenzeka, vakasha izinsuku ezimbalwa kuleyo ndawo ngaphambi kokwenza isinqumo.

BUKELANI IVIDIYO ETHI NGOKHOLO, NGENA NGOMNYANGO OKUVULEKELE OHOLELA EMSEBENZINI​—THUTHELA ENDAWENI ENESIDINGO ESIKHULU SABAMEMEZELI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO:

  • Yiziphi izinselele uGabriel okwadingeka azinqobe futhi wasizwa yini?