Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungawusiza Umndeni Wakho Ujabule Nakakhulu

Ungawusiza Umndeni Wakho Ujabule Nakakhulu

UJehova ufuna imindeni ijabule. (IHu 127:3-5; Shu 9:9; 11:9) Nokho, injabulo yethu ingaphazamiseka ngenxa yezinkathazo zaleli zwe namaphutha amalungu emindeni yethu. Yini ilungu ngalinye elingayenza ukuze umndeni ujabule?

Umyeni uyamazisa umkakhe. (1Pet 3:7) Uzinika isikhathi sokuhlala naye. Akalindele okungaphezu kwamandla akhe futhi ubonisa ukubonga ngalokho amenzela kona kanye nomndeni wakhe. (Kol 3:15) Uyabonisa ukuthi uyamthanda futhi uyamdumisa.—IzA 31:28, 31.

Inkosikazi ihlale izimisele ukusekela umyeni wayo. (IzA 31:12) Iyazithoba kuye, ibambisane naye. (Kol 3:18) Ikhuluma ngomusa naye futhi ikhuluma kahle ngaye.—IzA 31:26.

Abazali bazinika isikhathi sokuhlala nezingane zabo. (Dut 6:6, 7) Bayazitshela izingane zabo ukuthi bayazithanda. (Mat 3:17) Baziyala ngothando nangokuqonda.—Efe 6:4.

Izingane ziyabahlonipha futhi zibalalele abazali bazo. (IzA 23:22) Ziyabatshela abazali bazo ukuthi yini eziyicabangayo nokuthi zizizwa kanjani. Ziyalalela lapho beziyala futhi ziyabahlonipha.—IzA 19:20.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YENZA KUBE NENJABULO EMNDENINI WAKHO BESE NIPHENDULA UMBUZO OLANDELAYO:

Yini ngamunye ayenzayo ukuze enze umndeni ujabule?