UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Umkhankaso Okhethekile KaSepthemba Wokumemezela UMbuso KaNkulunkulu!
Phakathi noSepthemba, sizozama ngazo zonke izindlela ukutshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu ozoba yisixazululo sezinkinga zesintu. (Mat 24:14) Ungasiza kanjani? Xoxa ngomBhalo okhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu nabantu abaningi ngangokunokwenzeka phakathi naleyo nyanga. Uma umuntu ebonisa ukuthi uyathanda ukuxoxa nawe lapho nixoxa okokuqala, mnikeze INqabayokulinda yomphakathi No. 2 2020. Zama ukubuyela kuye ngokushesha futhi niqale isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! Wonke amaphayona asizayo ngenyanga kaSepthemba angakhetha umgomo wamahora angu-15 noma angu-30.
Maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoqeda wonke amagunya amelene nawo. (Dan 2:44; 1Ko 15:24, 25) Ngakho-ke, masilibambe ngazo zombili leli thuba elikhethekile lokubonisa ukuthi siqotho kuJehova naseMbusweni wakhe!