Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yimiphi Imigomo Yonyaka Omusha Wenkonzo Ozibekele Yona?

Yimiphi Imigomo Yonyaka Omusha Wenkonzo Ozibekele Yona?

Imigomo engokomoya ihlanganisa noma yini esisebenze kanzima ukuze sifinyelele, sikhonze uJehova ngawo wonke amandla ethu futhi simjabulise. Isisiza sithuthuke ngokomoya futhi kuyafaneleka ukuba sisebenzise isikhathi sethu namandla ethu kuyo. (1Ti 4:15) Kungani kufanele siyihlole njalo imigomo yethu? Ngenxa yokuthi izimo ziyashintsha. Kungenzeka umgomo esasizibekele wona ekuqaleni awusafinyeleleki noma sesiwufinyelele futhi singazibekela omunye.

Isikhathi esikahle sokuhlola imigomo yethu singaphambi kokuba kuqale unyaka omusha wenkonzo. Kungani ningaxoxi ngakho ekukhulekeleni komndeni bese umndeni uzibekela umgomo, nomuntu ngamunye emndenini azibekele owakhe?

Yimiphi imigomo onayo kulokhu okulandelayo futhi yini ohlele ukuyenza ukuze uyifinyelele?

Ukufunda iBhayibheli, isifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni yebandla nokuphendula kuyo.—w02 6/15 15 ¶14-15

Inkonzo yasensimini.—w23.05 27 ¶4-5

Ubuntu umKristu okufanele abe nabo.—w22.04 23 ¶5-6

Okunye: