Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Lingisa Uthando LukaJehova Oluqotho

Lingisa Uthando LukaJehova Oluqotho

UJehova uyisibonelo esikhulu sothando oluqotho. (IHu 103:11) Lolu thando akulona olwesikhashana oluphela ngokushesha. Uthando oluqotho luhlanganisa ukusondelana okuhlala isikhathi eside. UJehova wabonisa abantu bakhe u-Israyeli le mfanelo ngezindlela ezihlukahlukene. Wabakhulula ebugqilini eGibhithe futhi wabaletha eZweni Lesithembiso. (IHu 105:42-44) Wabalwela abantu bakhe futhi ngokuphindaphindiwe wayebaxolela lapho bona. (IHu 107:19, 20) Njengoba ‘sicabangisisa ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho,’ siyakhuthazeka ukuba simlingise.—IHu 107:43.

BUKELANI IVIDIYO ETHI “CABANGISISA NGEZENZO ZIKAJEHOVA ZOTHANDO OLUQOTHO” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ungalubonisa ngaziphi izindlela uthando oluqotho?

  • Kungani ukubonisa uthando oluqotho kudinga ukuzidela?