Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Basebenza Kanzima Ukuze Basikhonze

Basebenza Kanzima Ukuze Basikhonze

Ababonisi besigodi nomkabo ngothando bayazidela ngenxa yalabo ababakhonzayo. Njengathi sonke, nabo banezidingo, ngezinye izikhathi bayakhathala, badikibale futhi bakhathazeke. (Jak 5:17) Noma kunjalo, isonto ngalinye bagxila ekukhuthazeni abazalwane nodade ababavakashele ebandleni. Ngempela ababonisi besigodi “bafanelwe udumo oluphindiwe.”—1Ti 5:17.

Lapho umphostoli uPawulu ehlela ukuvakashela eRoma ‘ukuze adlulisele isipho esithile esivela kuNkulunkulu’ ebandleni lakhona, wayelangazelela ukuba ‘bakhuthazane.’ (Rom 1:11, 12) Wake wacabanga yini ukuthi ungamkhuthaza kanjani umbonisi wesigodi nomkakhe, uma eshadile?

BUKELANI IVIDIYO ETHI UKUPHILA KOMBONISI WESIGODI WASEMAPHANDLENI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ababonisi besigodi nomkabo balubonisa ngaziphi izindlela uthando nokuzidela ukuze basize ibandla?

  • Wena uzuze kanjani kulokho kuzidela kwabo?

  • Singabakhuthaza kanjani?