UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
‘Ukuvikela Nokumisa Ngokomthetho’ Izindaba Ezinhle
Lapho abaphikisi bezama ukumisa ama-Israyeli emsebenzini wokwakha kabusha ithempeli, abakhi bazama ukuthola ilungelo elingokomthetho lokuqhubeka nomsebenzi. (Ezr 5:11-16) Namuhla amaKristu enza okufanayo ukuze avikele futhi aqhubeke eshumayela izindaba ezinhle ngokomthetho. (Fil 1:7) Ukuze kwenziwe lokho, kwamiswa uMnyango Wezomthetho eNdlukulu yomhlaba wonke ngo-1936. Namuhla, uMnyango Wezomthetho eNdlunkulu Yomhlaba Wonke uhlela futhi uvikele umsebenzi wokushumayela. Lo mnyango uwusekele kanjani umsebenzi wokushumayela futhi abantu bakaNkulunkulu bazuze kanjani?
BUKELANI IVIDIYO ETHI UKUVAKASHELA UMNYANGO WEZOMTHETHO WASENDLUNKULU YOMHLABA WONKE BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yiziphi izinkinga oFakazi BakaJehova ababhekana nazo?
-
Yimaphi amacala esesiwanqobile? Nikeza isibonelo
-
Yini thina esingayenza ukuze ‘sivikele futhi simise ngokomthetho’ izindaba ezinhle?
-
Kuwebhusayithi yethu, sizitholaphi izenzakalo eziphathelene namacala athinta abantu bakaNkulunkulu nohlu lwamagama oFakazi BakaJehova ababoshelwe ukholo lwabo?