Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Agasti 5-11

IHUBO 70-72

Agasti 5-11

Ingoma 59 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. ‘Xoxela Isizukulwane Esizayo’ Ngamandla KaNkulunkulu

(10 imiz.)

UDavide wathola isivikelo sikaJehova ngesikhathi esemusha (Hu 71:5; w99 9/1 18 ¶17)

UDavide wakuzwa ukusekelwa nguJehova lapho esegugile (Hu 71:9; g04 10/8 17 ¶3)

UDavide wakhuthaza abasebasha ngokubaxoxela izinto ezazenzeke kuye (Hu 71:​17, 18; w14 1/15 23 ¶4-5)

ZIBUZE, ‘Iyiphi inceku kaJehova esikhulile ebandleni engingathanda ukuxoxa nayo ngobusuku bokuKhulekela Komndeni?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 72:8—Ngesikhathi kubusa iNkosi uSolomoni, sagcwaliseka kanjani isithembiso uJehova ayesenze ku-Abrahama esitholakala kuGenesise 15:18? (it-1-E 768)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Lapho umuntu ephikisa, phetha ingxoxo ngendlela enomusa. (lmd isifundo 4 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Qhubeka nengxoxo obe nayo ngaphambilini nesihlobo sakho, esibe sesinqikaza ukufunda nawe iBhayibheli. (lmd isifundo 8 iphuzu 4)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Inkulumo. ijwfq 49—Isihloko: Kungani OFakazi BakaJehova Beye Bazishintsha Ezinye Zezinkolelo Zabo? (th isifundo 17)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 76

7. Amacebiso Ezinto Eningazenza EkuKhulekeleni Komndeni

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ubusuku bokuKhulekela Komndeni buyisikhathi esibalulekile sokuba izingane zifunde ‘isiyalo sikaJehova.’ (Efe 6:4) Ukufunda kuwumsebenzi, kodwa kungaba mnandi, ikakhulukazi uma izingane zinesifiso sokwazi amaqiniso eBhayibheli. (Joh 6:27; 1Pe 2:2) Bhekani ibhokisi elithi “ Amacebiso Ezinto Eningazenza EkuKhulekeleni Komndeni” elingasiza abazali benze ubusuku bokuKhulekela Komndeni bube mnandi futhi bujabulise, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kula macebiso, yiliphi ongathanda ukulizama?

  • Kukhona okunye okuthole kuzuzisa?

Dlala IVIDIYO ethi Qhubekani Nithuthukisa Ukukhulekela Komndeni. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Yini engenziwa yindoda ukuze umkayo akujabulele ukukhulekela komndeni uma bengenazo izingane?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 123 Nomthandazo