Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Julayi 29–Agasti 4

IHUBO 69

Julayi 29–Agasti 4

Ingoma 13 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Indlela Ezabikezelwa Ngayo Izinto Ezenzeka KuJesu Encwadini YeHubo 69

(10 imiz.)

UJesu wayezondwa ngaphandle kwesizathu (Hu 69:4; Joh 15:​24, 25; w11 8/15 11 ¶17)

UJesu wayeyishisekela indlu kaJehova (Hu 69:9; Joh 2:​13-17; w10 12/15 8 ¶7-8)

UJesu wezwa ubuhlungu obukhulu futhi wanikwa iwayini elixutshwe nenyongo (Hu 69:​20, 21; Mat 27:34; Luk 22:44; Joh 19:34; g95 10/22 31 ¶4; it-2-E 650)


ONGAZINDLA NGAKHO: Kungani uJehova afaka iziprofetho eziphathelene noMesiya emiBhalweni YesiHebheru?

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 69:​30, 31—La mavesi angasisiza kanjani sithuthukise izinga lemithandazo yethu? (w99 1/15 18 ¶11)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Bekezela—Lokho UJesu Akwenza

(7 imiz.) Ingxoxo. Dlala IVIDIYO, bese nixoxa ngencwajana ethi Thanda Abantu, isifundo 8 amaphuzu 1-2.

5. Bekezela—Lingisa UJesu

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 134

6. Izidingo Zebandla

(5 imiz.)

7. Izimiso Ezingasetshenziswa Ngobusuku BokuKhulekela Komndeni

(10 imiz.) Ingxoxo.

NgoJanuwari 2009, iSifundo Sencwadi Sebandla sahlanganiswa neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo kwaba umhlangano owodwa waphakathi neviki. Lokhu kwenza imindeni yakwazi ukuba nobusuku obubodwa evikini ngalinye ukuze ibe nokukhulekela komndeni okuhlangabezana nezidingo zayo. Abaningi bathe bayabonga ngaleli lungiselelo elenzelwa ukubasiza basondelane noJehova futhi basondelane njengemindeni.—Dut 6:​6, 7.

Yiziphi ezinye zezimiso ezingasiza izinhloko zemindeni zenze ubusuku bokuKhulekela Komndeni bube impumelelo?

  • Makwenziwe njalo. Uma kungenzeka, makube nesikhathi esimisiwe sokukhulekela komndeni iviki neviki. Kulungele ukukushintshela kolunye usuku uma kuqhamuka iziphazamiso ezingalindelekile

  • Lungiselela. Xoxa nomkakho mayelana nezinto eningazenza, futhi ngezinye izikhathi ucele ukusikisela ezinganeni zenu. Akudingeki kwenziwe amalungiselelo adla isikhathi, ikakhulukazi uma umndeni uthanda ukwenza izinto ezifanayo maviki onke

  • Kwenze kuzuzise umndeni wakho. Njengoba izingane zikhula, izidingo namakhono azo kuyashintsha. Enikwenzayo kufanele kusize ilungu ngalinye lomndeni likhule ngokomoya

  • Yenza kube nomoya wothando, umndeni uzizwe ukhululekile. Ngezinye izikhathi ungacabangela ukuba nifundele ngaphandle uma isimo sezulu sivuma. Yibani namakhefu uma kudingeka. Nakuba kufanele kugxilwe ekuxoxeni ngezinselele ezithile umndeni obhekene nazo, isikhathi sokukhulekela komndeni akufanele usisebenzisele ukuthetha noma ukukhipha isiyalo

  • Yenzani izinto ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ningase nilungiselele ingxenye ethile yomhlangano olandelayo, ningase nibukele ividiyo eku-jw.org, noma niprakthize enizokusho enkonzweni. Nakuba ukuxoxa kuyikona okubaluleke kakhulu ngobusuku bokuKhulekela Komndeni, amalungu omndeni angase anikezwe nesikhathi sokuba enze isifundo somuntu siqu

Xoxani ngalo mbuzo:

  • Yini eniyenzile ukuze nizame ukusebenzisa lezi zimiso ekukhulekeleni komndeni wenu?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 114 Nomthandazo