Kushunyayelwa izindaba ezinhle kumvuni wetiye eCameroon

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Julayi 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Amacebiso okuhambisa i-Nqabayokulinda nencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Sebenzisa lezi zibonelo ukuze uzenzele ezakho izintshumayelo.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Dumisa UJehova, UMuzwi Womthandazo

Kungani kukuhle ukuthandaza kuNkulunkulu ngokuqondene nezithembiso zethu? Ungakubonisa kanjani ukuthi uyamethemba uJehova emithandazweni yakho? (AmaHubo 61-65)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukugcina Ukuphila Kwethu Kulula Kusisiza Sidumise UNkulunkulu

Ukuphila ukuphila okulula kungakusiza ukuba wenzeni? Ungayilingisa kanjani indlela kaJesu yokuphila?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Abantu BakaJehova Bashisekela Ukukhulekela Kweqiniso

Isifundisani intshiseko kaDavide ngoNkulunkulu? Intshiseko yethu isishukumisela ukuba senzeni? (AmaHubo 69-72)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungakuzama Yini Unyaka Owodwa?

Impilo eyanelisayo enezibusiso eziningi ilindele labo abazimisele ukuzama.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izimiso Zamaphayona Avamile

Kuzokumangaza ukuthola ukuthi kuyafinyeleleka ukuphayona okuvamile ngisho nakulabo abanesikhathi namandla alinganiselwe.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Khumbula Izenzo ZikaJehova

Ihlanganisani imisebenzi kaJehova? Kungasizuzisa kanjani ukuzindla ngayo? (AmaHubo 74-78)

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Ubani Umuntu Obaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?

Umqambi weHubo 83 wabonisa ukuthi uJehova wayenguMuntu obaluleke kunabo bonke ekuphileni kwakhe. Thina singakubonisa kanjani ukuthi kanjalo nangathi ekuphileni kwethu?