Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungakuzama Yini Unyaka Owodwa?

Ungakuzama Yini Unyaka Owodwa?

Ukwenzani? Ukuba yiphayona elivamile! Azive ziziningi izibusiso oyozithola!—IzA 10:22.

NGOKUPHAYONA, . . .

  • ungathola ikhono njengomvangeli futhi ujabulele insimu ngokwengeziwe

  • ungaqinisa ubuhlobo bakho noJehova. Lapho ukhuluma ngokwengeziwe ngaye kwabanye, uzozikhumbula ngokwengeziwe izimfanelo zakhe ezihlaba umxhwele

  • uzonambitha ukwaneliseka okutholakala ngokubeka izithakazelo zoMbuso ngaphambi kwezakho futhi ujabulele imiphumela yokuzinikela ngenxa yabanye.—Math 6:33; IzE 20:35

  • ungaba khona emhlanganweni wamaphayona oqhutshwa ngesikhathi sokuhambela kombonisi wesigodi, emhlanganweni okhethekile ohambisana nomhlangano wosuku olulodwa naseSikoleni Senkonzo Samaphayona

  • ungathola amathuba engeziwe okuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli

  • ungachitha isikhathi esiningi ushumayela nabanye, ujabulele izikhathi zokukhuthazana.—Ro 1:11, 12