Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 74-78

Khumbula Izenzo ZikaJehova

Khumbula Izenzo ZikaJehova

Kubalulekile ukuzindla ngezinto ezinhle uJehova azenzile

74:16; 77:6, 11, 12

  • Ukuzindla kusisiza sijulise kithi lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu futhi sikwazise ngokusuka enhliziyweni ukudla okungokomoya

  • Ukucabanga ngokujulile ngoJehova kusisiza sikhumbule imisebenzi yakhe emangalisayo nethemba asinike lona

Izenzo zikaJehova zihlanganisa nalokhu:

74:16, 17; 75:6, 7; 78:11-17

  • Indalo

  • Lapho sifunda okwengeziwe ngendalo, simhlonipha ngokwengeziwe uJehova

  • Amadoda amisiwe ebandleni

  • Kufanele sibathobele labo abamiswe uJehova ukuba bahole

  • Izenzo zokusindisa

  • Ukukhumbula izenzo zikaJehova zokusindisa kuqinisa ukholo lwethu enjongweni yakhe nasemandleni akhe okunakekela izikhonzi zakhe