INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Juni 2016
Izintshumayelo Ezisikiselwe
Amacebiso okuhambisa i-Phaphama! namapheshana. Wasebenzisele ukuzakhela ezakho izintshumayelo.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Thembela KuJehova Wenze Okuhle
Sebenzisa iseluleko esitholakala kuyiHubo 37.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufundisa Ngama-video
Kungani kufanele sisebenzise la ma-video enkonzweni yethu yobuKristu? Angakuthuthukisa kanjani ukufundisa kwethu?
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
UJehova Uyabasekela Abagulayo
Amazwi kaDavide aphefumulelwe akuyiHubo 41 angaqinisa izinceku ezithembekile namuhla ezigulayo noma ezibhekene nobunzima.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
UJehova Ngeke Ayilahle Inhliziyo Ephukile
KuyiHubo 51, uDavide uchaza indlela isono esikhulu ayesenzile esamthinta ngayo. Yini eyamsiza walulama ngokomoya?
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UMbuso—Iminyaka Eyikhulu Kuya Phambili
Sebenzisa imibuzo ukuze nixoxe ngalokho uMbuso kaNkulunkulu okufezile kusukela ngo-1914.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Phonsa Umthwalo Wakho Phezu KukaJehova”
Iseluleko sikaDavide esiphefumulelwe esikuyiHubo 55:22 singasisiza sibhekane nanoma iyiphi inkinga noma ukukhathazeka.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“UNkulunkulu Ungumsizi Wami”
UDavide wadumisa uJehova ngeZwi lakhe. Yimaphi amavesi eBhayibheli akusiza wabhekana nobunzima?