“Phonsa Umthwalo Wakho Phezu KukaJehova”
UDavide wabhekana kaningi noshushiso olunzima ekuphileni kwakhe. Lapho eqamba iHubo 55, wayesebhekane . . .
-
Nokwethukwa
-
Nokushushiswa
-
Nomuzwa wecala onamandla
-
Nosizi emndenini
-
Nokugula
-
Nokujikelwa abantu ayebethemba
Ngisho nalapho izinhlupheko zakhe zazibonakala zingaphezu kwamandla, uDavide wathola indlela yokubhekana nazo. Abantu abazizwa njengaye bangazuza eselulekweni sakhe esiphefumulelwe esithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova.”
Singalisebenzisa kanjani leli vesi namuhla?
-
Thandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni nganoma iyiphi inkinga noma into ekukhathazayo
-
Funa isiqondiso nokusekelwa eZwini likaJehova nasenhlanganweni yakhe
-
Yenza ongakwenza ukuze udambise isimo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli