UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“UNkulunkulu Ungumsizi Wami”
AmaHubo 52-59 aveza imizwa kaDavide eziwombeni eziningana ezaziyinselele ekuphileni kwakhe. Nokho, waqhubeka ethembele kuJehova phakathi nalezo zikhathi ezibucayi. (IHu 54:4; 55:22) Ngaphezu kwalokho, wadumisa uJehova ngeZwi lakhe. (IHu 56:10) Ingabe njengoDavide nathi sihlakulela ukholo nokwethembela okufanayo kuNkulunkulu wethu? Ingabe sibheka eZwini lakhe ukuze sithole isiqondiso lapho sibhekene nezinkinga? (IzA 2:6) Yimaphi amavesi eBhayibheli akusiza ngesikhathi . . .
-
udikibele noma ucindezelekile?
-
ugula?
-
ukhutshwe abanye?
-
ushushiswa?