UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufundisa Ngama-video
OKWENZA KUBALULEKE:
Ama-video angathinta izinhliziyo zabantu ngokuhilela izinzwa zokubona nokuzwa. Lokhu kusiza ekubambeni isithakazelo nasekugxiliseni indaba. UJehova ubeke isibonelo esihle kakhulu sokusebenzisa okubukwayo ekufundiseni.—IzE 10:9-16; IsAm 1:1.
I-video ethi Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?, ethi Ngubani Umlobi WeBhayibheli? nethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso? ahambisana nezifundo 2 no-3 zencwajana ethi Izindaba Ezinhle. I-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?, ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? nethi Kwenzekani EHholo LoMbuso? akhuthaza abantu ukuba batadishe nathi iBhayibheli noma beze emihlanganweni yebandla. Amanye ama-video ethu amade nawo angasetshenziselwa ukufundisa ezifundweni zeBhayibheli.—km 5/13 3.
INDLELA YOKUKWENZA:
-
Yidawunilode kusengaphambili i-video ofuna ukuyibukisa umninikhaya
-
Lungiselela umbuzo owodwa noma emibili ozophendulwa kuyi-video
-
Yibukeni ndawonye i-video
-
Xoxani ngamaphuzu ayinhloko
ZAMA LOKHU:
-
Phenya ngemuva kwelinye lamapheshana ethu futhi ubonise umninikhaya ikhodi emyisa kuyi-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?
-
Mbukise i-video ethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso? bese umnika incwajana ethi Izindaba Ezinhle, umbonise isifundo 3