Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bazali, Sizani Izingane Zenu Zibe Sethubeni Elingcono Lokuphumelele

Bazali, Sizani Izingane Zenu Zibe Sethubeni Elingcono Lokuphumelele

Abazali abesaba uNkulunkulu bayakulangazelela ukubona izingane zabo ziba izinceku zikaJehova ezithembekile. Ukuze izingane zikwenze lokhu, abazali bangazisiza ngokugxilisa izimfundiso zeBhayibheli ezinhliziyweni zazo kusukela zisencane kakhulu. (Dut 6:7; IzA 22:6) Ingabe lokhu kudinga ukuzidela? Impela! Ngoba imiphumela emihle mikhulu kakhulu kunokuzidela okudingekayo.—3Joh 4.

Abazali bangafunda okuningi kuJosefa noMariya. “Babejwayele ukuya eJerusalema unyaka nonyaka beyogubha umkhosi wephasika,” nakuba lokho kwakuwumsebenzi omkhulu futhi kuyizindleko. (Luka 2:41) KuJosefa nakuMariya kwakubaluleke kakhulu ukuba umndeni wabo usondelane noJehova. Ngokufanayo, abazali namuhla bangaqondisa izingane zabo endleleni efanele ngokusebenzisa wonke amathuba okuzifundisa ngezwi nangesibonelo.—IHu 127:3-5.

BUKELA IVIDIYO ETHI BABAMBISISA WONKE AMATHUBA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • UJon noSharon Schiller baqhubeka kanjani bematasa emisebenzini ehlukahlukene yoMbuso lapho bekhulisa izingane?

  • Kungani abazali kufanele bayale izingane zabo ngokwesidingo sengane ngayinye?

  • Abazali bangazilungiselela kanjani izingane zabo ukuba zikwazi ukuma ziqine lapho ukholo lwazo luvivinywa?

  • Imaphi amathuluzi anikezwa inhlangano kaJehova owasebenzisile ukuze usize izingane zakho zibe abangane bakaJehova?

Yenza imisebenzi ephathelene nokukhonza uJehova ize kuqala emndenini wakho