UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Landela Izinyathelo ZikaKristu Eduze
UJesu wasibekela isibonelo okufanele sisilingise, ikakhulukazi lapho sibhekene novivinyo noma ushushiso. (1Pet 2:21-23) Nakuba abantu babemdelela, akazange aziphindiselele ngisho nalapho ehlushwa. (Mar 15:29-32) Yini eyamsiza wakhuthazela? Wayezimisele ukwenza intando kaNkulunkulu. (Joh 6:38) Wagxila ‘nasenjabulweni eyayibekwe phambi kwakhe.’—Heb 12:2.
Senzenjani uma siphathwa kabi ngenxa yokholo lwethu? AmaKristu angempela ‘awabuyiseli muntu okubi ngokubi.’ (Ro 12:14, 17) Lapho silingisa indlela uKristu akhuthazela ngayo lapho ehlushwa, kumelwe sijabule ngoba sisuke sijabulisa uJehova.—Math 5:10-12; 1Pet 4:12-14.
BUKELA IVIDIYO ETHI IGAMA LIKAJEHOVA LIBALULEKE KUNAKHO KONKE, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
-
Udadewethu uPötzinger * wasisebenzisa kanjani ngokuhlakanipha isikhathi sakhe lapho evalelwe yedwa ejele?
-
UMfowethu noDadewethu uPötzinger bakhuthazelela kuphi ukuhlukumezeka lapho besemakamu okuhlushwa ahlukahlukene?
-
Yini eyabasiza bakhuthazela?
^ isig. 6 Lesi sibongo singabhalwa nangokuthi Poetzinger.