Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Kukhethe Ngokuhlakanipha Ozozijabulisa Ngakho

Kukhethe Ngokuhlakanipha Ozozijabulisa Ngakho

Kungani kumelwe sikukhethe ngokuhlakanipha esizozijabulisa ngakho? Yingoba lapho sikhetha imuvi esifuna ukuyibuka, ingoma esifuna ukuyilalela, iwebusayithi esifuna ukungena kuyo, incwadi esifuna ukuyifunda noma umdlalo wevidiyo esifuna ukuwudlala, sisuke sikhetha into esifuna ukuyifaka ezingqondweni zethu. Esikukhethayo kuthinta indlela esiziphatha ngayo. Ngokudabukisayo izinto eziningi zokuzijabulisa namuhla zigcwele izinto uJehova angazifuni. (IHu 11:5; Gal 5:19-21) Yingakho iBhayibheli lisinxusa ukuba siqhubeke sicabanga ngezinto ezijabulisa uJehova.​—Fil 4:8.

BUKELA IVIDIYO ETHI IKUPHI UKUZIJABULISA OKUFANELE NGIKUKHETHE? BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Imidlalo yokulwa yaseRoma lasendulo ifana kanjani nezinye zezinto zokuzijabulisa zanamuhla?

  • Amalungu ebandla angabasiza kanjani abasebasha ukuba bakukhethe ngokuhlakanipha abazozijabulisa ngakho?

  • EyabaseRoma 12:9 kufanele isisize kanjani lapho sikhetha lokho esizozijabulisa ngakho?

  • Iziphi ezinye zezinto ezihlanzekile ongazijabulisa ngazo endaweni yangakini?