UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Yokusebenzisa Ingxenye Ethi Ongase Uxoxe Ngakho
Kusukela ngoJanuwari 2018, kuye kwaba nengxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho esembozweni se-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu. Ingasetshenziswa kanjani?
Lapho Wenza Izabelo Zabafundi: Kufanele usebenzise umbuzo, umBhalo nengxenye ethi ngokuzayo esengxenyeni ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Noma kunjalo, lokho akusho ukuthi kufanele ukopele yonke into eshiwo umuntu osevidweni ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Ungayihlela ngendlela ehlukile, usebenzise isethulo esihlukile futhi ungasebenzisa noma iyiphi indlela ukuze ukhanyise iphuzu. Ungahambisa noma iyiphi incwadi eseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa, ngisho noma kungakhulunywanga ngayo.
Lapho Usensimini: Ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho ihlelelwe ukusinika amacebiso awusizo. Uma umuntu ebonisa ukuthi uyathanda ukuzwa okwengeziwe, ungaqhubeka nengxoxo, mhlawumbe ngokusebenzisa ingxenye ethi lapho ubuyela kumuntu oxoxe naye. Ungashintsha okuthile kule ngxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho noma usebenzise okunye okuhlukile. Ingabe abantu basendaweni yakini bangathanda isihloko sangenyanga edlule noma umBhalo ohlukile? Ingabe abantu bangakini bathanda ukuxoxa ngezinto ezisanda kwenzeka endaweni ohlala kuyo noma ezisematheni? Ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho ungayisebenzisa ngezindlela ezingafani, kodwa umgomo wakho kufanele ube ‘ukwenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ube umhlanganyeli wazo nabanye.’—1Ko 9:22, 23.