Kugcinwa iSikhumbuzo sokufa kukaKristu eGermany

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Mashi 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Amacebiso okuhambisa INqabayokulinda nesimemo seSikhumbuzo sika-2016. Sebenzisa izibonelo ukuze uzenzele ezakho izintshumayelo.

AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU

U-Esteri Wazidela Ngenxa KaJehova Nabantu Bakhe

Waba nesibindi wabeka ukuphila kwakhe engozini futhi wasiza uMoridekayi ukuba amise umthetho omusha ukuze avikele amaJuda ekubhuqweni. (Esteri 6-10)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuzakhela Intshumayelo Yakho Kamagazini

Sebenzisa amacebiso okuzakhela eyakho intshumayelo yokuhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ensimini

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yamukela Abasivakashele

Singabasiza kanjani abasivakashele nabapholile ukuba bazizwe besekhaya eSikhumbuzweni?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJobe Wagcina Ubuqotho Ngaphansi Kovivinyo

Wabonisa ukuthi uJehova unguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. (Jobe 1-5)

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJobe Othembekile Uveza Usizi Lwakhe

Usizi nokudumazeka kwathinta indlela uJobe abheka ngayo izinto kodwa wayelokhu emthanda uJehova. (Jobe 6-10)

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJobe Wayeqiniseka Ngovuko

Wayazi ukuthi uJehova uzokwazi ukumvusa njengesiqu sesihlahla esibuye sihlume empandeni. (Jobe 11-15)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Uvuko—Lwenzeka Ngenxa Yesihlengo

Ngesipho sikaJehova sesihlengo kuzoba novuko. Esikhundleni sokuba nosizi ngenxa yokufelwa abathandekayo, siyojabulela ukubamukela.