Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Uvuko—Lwenzeka Ngenxa Yesihlengo

Uvuko—Lwenzeka Ngenxa Yesihlengo

ISikhumbuzo sisinikeza ithuba elihle lokucabanga ngezibusiso ezizayo ezitholakala ngenxa yesihlengo, njengovuko. UJehova akakaze ahlose ukuba abantu bafe. Yingakho nje isimo esibuhlungu kakhulu kithi kuwukulilela othandekayo wethu ofile. (1Ko 15:26) UJesu wezwa ubuhlungu lapho ebona abafundi bakhe bekhala ngokufa kukaLazaru. (Joh 11:33-35) Njengoba uJesu amlingisa ngokuphelele uYise, singaqiniseka ukuthi uJehova naye uzwa ubuhlungu lapho esibona silusizi ngokufa kwesibathandayo. (Joh 14:7) UJehova uyasilangazelela isikhathi lapho eyovusa khona izinceku zakhe ezifile, nathi kufanele sisilangazelele.—Jobe 14:14, 15.

Njengoba uJehova enguNkulunkulu wokuhleleka, kunengqondo ukukholelwa ukuthi uvuko luyokwenzeka ngendlela ehlelekile. (1Ko 14:33, 40) Esikhundleni semingcwabo, kungenzeka kuyoba nemibuthano yokwamukela abavusiwe. Uyazindla yini ngovuko, ikakhulukazi lapho usosizini lokufelwa? (2Ko 4:17, 18) Uyambonga yini uJehova ngelungiselelo lesihlengo nangokwembula emiBhalweni ukuthi abafileyo bayophila futhi?—Kol 3:15.

  • Yibaphi abangane nezihlobo okulangazelela ngokukhethekile ukuphinde ubabone?

  • Yimuphi umuntu oseBhayibhelini ongathanda ngokukhethekile ukumbona futhi uxoxe naye?