Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | ESTERI 6-10

U-Esteri Wazidela Ngenxa KaJehova Nabantu Bakhe

U-Esteri Wazidela Ngenxa KaJehova Nabantu Bakhe

U-Esteri waba nesibindi futhi wazidela lapho evikela abantu bakaJehova

8:3-5, 9

  • U-Esteri noMoridekayi babelondekile. Kodwa umyalo kaHamani wokubulala wonke amaJuda wawuzogcina ufinyelele kuyo yonke indawo embusweni

  • U-Esteri waphinde wafaka ukuphila kwakhe engozini ngokuya enkosini engabiziwe. Wakhalela abantu bakubo wacela nenkosi ukuba ihoxise lowo myalo ononya

  • Imithetho evela enkosini yayingenakuhoxiswa. Ngakho inkosi yavumela u-Esteri noMoridekayi ukuba bakhiphe umthetho omusha

UJehova wenza abantu bakhe banqoba

8:10-14, 17

  • Kwenziwa isimemezelo sesibili esanikeza amaJuda ilungelo lokuba azivikele

  • Abagibeli bamahhashi bagcwala izinkalo futhi amaJuda azilungiselela impi

  • Abantu abaningi babona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu usekela amaJuda futhi baba amaproselithe