Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yamukela Abasivakashele

Yamukela Abasivakashele

Ngo-March 23, silindele ukuba nezivakashi eziyizigidi ezingu-12 noma ngaphezulu eSikhumbuzweni. Yeka ubufakazi obuhle eziyobuthola lapho isikhulumi sixoxa ngesipho sikaJehova sesihlengo nangezinye zezibusiso ezizotholwa isintu esikhathini esizayo! (Isaya 11:6-9; 35:5, 6; 65:21-23; Joh 3:16) Nokho, akusona isikhulumi kuphela esizonikeza ubufakazi kulesi senzakalo esikhethekile. Sonke singaba nengxenye ngokwamukela izivakashi zethu ngemfudumalo. (Ro 15:7) Nakhu okunye ukusikisela.

  • Esikhundleni sokuyohlala phansi ulinde ukuba kuqale isimiso, yamukela izivakashi nabapholile ngokubabingelela ngobungane futhi umomotheke

  • Nakuba uzonaka ngokukhethekile obamemile, bheka nabanye okungenzeka bafiké ngoba bethole isimemo emkhankasweni. Bacele ukuba bahlale nawe. Babukise iBhayibheli neculo

  • Ngemva kwenkulumo, zenze utholakale ukuze uphendule imibuzo yabo. Uma ninesikhathi esincane ngenxa yokuthi kukhona ibandla elisazongena, hlela ukubavakashela ngokushesha. Uma ungenayo indlela yokuxhumana nobevakashile, ungase uthi kuye: “Ngingathanda ukuthi sixoxe ngalo mhlangano. Singaxhumana kanjani?”