Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuzakhela Intshumayelo Yakho Kamagazini

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuzakhela Intshumayelo Yakho Kamagazini

OKWENZA KUBALULEKE: Nakuba izintshumayelo ezisikiselwe encwajaneni yomhlangano ziwusizo, zimane nje ziwuhlaka. Kufanele uzibeke ngawakho amazwi. Ungase uthande indlela ehlukile noma ube nomuzwa wokuthi enye indaba izokhanga kakhudlwana endaweni. Uma kunjalo, ngemva kokuba usuwufundile umagazini, wacabanga ngezintshumayelo ezisikiselwe, wabona nama-video emiboniso, ungasebenzisa ukusikisela okulandelayo ukuze uzakhele eyakho intshumayelo.

INDLELA YOKUKWENZA:

Zibuze, ‘Ingabe ngifuna ukusebenzisa enye yezintshumayelo ezisekelwe?’

YEBO

  • Lungiselela isethulo sakho. Ngemva kokubingelela ngendlela evamile endaweni, yisho ngamafuphi oze ngakho. (Ngokwesibonelo: “Ngilapha ngoba . . .”)

  • Cabanga ngendlela ozosuka ngayo embuzweni uye emBhalweni bese uya kulokho ozokuhambisa. (Isibonelo: Lapho wethula umBhalo, ungase uthi: “Impendulo egculisayo yalowo mbuzo ikuleli vesi.”)

CHA

  • Kumagazini khetha indaba oyithandayo futhi ezothandwa abantu bendawo

  • Khetha umbuzo ozokwenza umninikhaya aveze umbono wakhe futhi acabange kodwa ungamenzi azizwe esenkingeni. (Ngokwesibonelo: Imibuzo esekhasini 2 komagazini.)

  • Khetha umBhalo ozowufunda. (Uma uhambisa i-Phaphama! ungase ukhethe ukuwufunda noma ukungawufundi umBhalo, ngoba iklanyelwe abangenalwazi olutheni lweBhayibheli futhi abangase bayixwaye inkolo.)

  • Zakhele umusho noma emibili yokuchazela umninikhaya ukuthi kuzomzuzisa ngani ukufunda leso sihloko

KUNOMA IKUPHI

  • Lungiselela umbuzo ozowubuza ukuze uwuphendule lapho uphindela

  • Bhala okuzokusiza ukhumbule ozokusho ngokuzayo