Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?

Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?

Incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? yaklanyelwa ukuba siyisebenzise njalo lapho siqala noma siphetha isifundo seBhayibheli. * Izifundo 1 kuya ku-4 zenza umfundi asazi kangcono, izifundo 5 kuya ku-14 zimfundisa ngemisebenzi yethu kanti izifundo 15 kuya ku-28 zimbonisa lokho okwenziwa yinhlangano yethu. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukuzifunda ngokulandelana izifundo ngaphandle kwalapho esithile sikhuluma ngento edingwa umfundi ngaleso sikhathi. Isifundo ngasinye siyikhasi kuphela futhi ezimweni eziningi singahlanganiswa ngemizuzu emihlanu kuya kweyishumi.

  • Qokomisa umbuzo oyisihloko sesifundo

  • Fundani ndawonye isifundo sonke noma ngezingxenyana

  • Xoxani ngalokho enisanda kukufunda. Sebenzisani imibuzo esekupheleni kwekhasi kanye nezithombe. Fundani futhi nixoxe ngemiBhalo ekhonjiwe, ngezinga okufaneleka ngalo. Cacisa ukuthi izihlokwana ezibhalwe ngokugqamile ziphendula umbuzo osesihlokweni

  • Uma kunebhokisi elithi “Thola Okwengeziwe,” lifundeni ndawonye bese ukhuthaza umfundi ukuba enze okusikiselwe kulo

^ isig. 3 Incwajana ekuyi-Internet iyona enokwaziswa kwamuva.