Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade

Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade

Incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade yaklanyelwa ukufundisa labo abakwaziyo ukufunda ngezinga elithile, amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Amakhasi amaningi anebhokisi elinokwaziswa okwengeziwe eningaxoxa ngako, kuye ngekhono lomfundi.

Le ncwajana ungayihambisa noma nini, ngisho noma ingesona isipho senyanga. Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, sebenzisa imifanekiso ukuze uchaze lokho okuseBhayibhelini. Buza imibuzo ukuze uhilele umfundi futhi uqiniseke ukuthi uyaqonda. Fundani futhi nixoxe ngemiBhalo esekugcineni kwekhasi ngalinye. Ngemva kokuqeda le ncwajana, fundani incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ukuze usize omfundelayo athuthukele ekubhapathizweni.