Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Siza Umndeni Wakho Ukuba Ukhumbule UJehova

Siza Umndeni Wakho Ukuba Ukhumbule UJehova

UJeremiya wanikwa umyalo wokuba axwayise amaJuda ngembubhiso eyayisondela ngenxa yokuthi ayesemkhohliwe uNkulunkulu wawo, uJehova. (Jer 13:25) Isizwe safinyelela kanjani kulesi simo esidabukisayo ngokomoya? Imindeni engama-Israyeli yayisibuthaka ngokomoya. Ngokusobala izinhloko zemindeni zazingasilandeli isiqondiso sikaJehova esiboniswe kuDuteronomi 6:5-7.

Imindeni eqinile ngokomoya inendima ekugcineni amabandla ethu ezinzile namuhla. Izinhloko zemindeni zingasiza imindeni yazo ikhumbule uJehova ngokuba nesimiso sasikhathi sonke nesinenjongo sokuKhulekela Komkhaya. (IHu 22:27) Ngemva kokubuka i-video ethi La Mazwi . . . Kumelwe Abe Senhliziyweni Yakho”—Izingxoxo Nemikhaya, ningaphendula le mibuzo:

  • Eminye imindeni iye yabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinselele ezivamile zokukhulekela komkhaya?

  • Ziyini ezinye zezinzuzo zokuba nesimiso sasikhathi sonke nesinenjongo sokuKhulekela Komkhaya?

  • Uma kuziwa endabeni yokukhulekela komkhaya, yiziphi izinselele enginazo futhi yini engihlele ukuyenza ukuze ngizinqobe?