U-Israyeli Wamkhohlwa UJehova
UJeremiya wanikwa isabelo esingelula esasiyobonisa ukuzimisela kukaJehova ukuqeda ukuziqhenya ngenkani kukaJuda neJerusalema
UJeremiya wathenga ibhande lelineni
-
Ukunamathela kwebhande okhalweni kwakufanekisela ubuhlobo obuseduze obabungaba khona phakathi kukaJehova nesizwe
UJeremiya wathatha ibhande waliyisa eMfuleni i-Ewufrathe
-
Walifihla emfantwini wedwala wabe esebuyela eJerusalema
UJeremiya wabuyela eMfuleni i-Ewufrathe eyolanda ibhande
-
Ibhande lase libolile
UJehova wanikeza incazelo yalokhu ngemva kokuba uJeremiya esesifezile lesi sabelo
-
Ukulalela kukaJeremiya okusuka enhliziyweni entweni eyayingase ibonakale iwubala kwaba nendima emizamweni kaJehova yokufinyelela izinhliziyo zabantu