Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Ngokombono wakho, yisiphi isipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asiphe sona?
UmBhalo: Joh 3:16
Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda iqokomisa isizathu esenza uNkulunkulu wathumela uJesu emhlabeni ukuzosifela nendlela esingabonisa ngayo ukusazisa lesi sipho.
UYINI UMBUSO KANKULUNKULU?
ISIMEMO SESIKHUMBUZO
Okuzohanjiswa: Simemela abantu esenzakalweni esibaluleke kakhulu. [Mnike isimemo.] Ngo-April 11, izigidi emhlabeni wonke zizohlangana ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu futhi zilalele inkulumo yeBhayibheli yamahhala ezochaza indlela ukufa kukaJesu okungasizuzisa ngayo. Lesi simemo sibonisa isikhathi nendawo lo mbuthano ozoba kuyo lapha endaweni yakithi. Singajabula ukuba nawe.
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.