Kumenyelwa abantu eSikhumbuzweni eSlovenia

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Mashi 2018

Ongase Uxoxe Ngakho

Izingxoxo ezisekelwe emkhankasweni wesimemo seSikhumbuzo nasemibuzweni ethi: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe? Sisisiza ngani isihlengo?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Noma Ubani Ofuna Ukuba Mkhulu Phakathi Kwenu Kumelwe Abe Yisikhonzi Senu”

Ingabe sigxila ezingxenyeni zenkonzo ezingase zisenze siqashelwe noma sidunyiswe? Isikhonzi esithobekile sivame ukwenza umsebenzi obonwa uJehova uNkulunkulu kuphela.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Hlonipha Imiyalo Emibili Emikhulu Kunayo Yonke

Yimiphi imiyalo emibili emikhulu uJesu ayisho eBhayibhelini? Singabonisa kanjani ukuthi siyayilalela le miyalo?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane

Kumelwe sithande uNkulunkulu nomakhelwane wethu. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuyindlela ebalulekile esingakhulisa ngayo lolu thando.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Hlale Uzinakile Izinto Eziphathelene NoNkulunkulu Phakathi Nalezi Zinsuku Zokugcina

Abantu abaningi namuhla baye bavumela izinto zokuphila kwansuku zonke zabenza bangazinaka izinto eziphathelene noNkulunkulu. AmaKristu akhathalela izinto eziphathelene noNkulunkulu ahluke kanjani?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Kuseduze Ukuphela Kwalesi Simiso Sezinto

Amazwi kaJesu abonisa kanjani ukuthi sesingene shί ezinsukwini zokugcina? Lo mbuzo kuzokhulunywa ngawo kuyividiyo ethi Kuseduze Ukuphela Kwalesi Simiso Sezinto.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Hlalani Nilindile”

Emfanekisweni wezintombi eziyishumi, ubani omelela umkhwenyana, izintombi ezihlakaniphile, nezintombi eziyiziwula? Usho ukuthini kuwe lo mfanekiso?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukufundisa Esifunda Nabo Ukuba Balungiselele

Zisuka nje, kufanele sisize esifunda nabo bakujwayele ukulungiselela isifundo sabo. Singakwenza kanjani lokhu?