Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukufundisa Esifunda Nabo Ukuba Balungiselele

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukufundisa Esifunda Nabo Ukuba Balungiselele

OKWENZA KUBALULEKE: Uma esifunda nabo iBhayibheli belungiselela, kungaba lula ukuqonda nokukhumbula esibafundisa kona. Lapho beqonda futhi bekhumbula abakufundayo, bayothuthuka ngokushesha. Ngisho nangemva kokubhapathizwa, kusazodingeka balungiselele imihlangano kanye nenkonzo yasensimini ukuze ‘bahlale belindile.’ (Math 25:13) Ngakho, ukukwazi ukutadisha nokuhlela isikhathi sokutadisha njalo, kuzobasiza ukuphila kwabo konke. Zisuka nje, kufanele sisize esifunda nabo bakujwayele ukulungiselela isifundo sabo seBhayibheli.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Yiba isibonelo esihle. (Ro 2:21) Lungiselela isifundo ngasinye ucabanga ngofunda naye. (km 11/15 3) Mbonise incwadi yakho edwetshelwe

  • Mkhuthaze ukuba alungiselele. Lapho nje usuqalile ukufunda naye, mazise ukuthi ukulungiselela kuyingxenye yesifundo seBhayibheli, bese umchazela ukuthi kuzomsiza ngani lokho. Mnikeze amacebiso angokoqobo endlela angasihlela ngayo isikhathi sakhe ukuze alungiselele. Abanye abamemezeli banikeza abafunda nabo izincwadi zabo ezidwetshelwe ukuba basebenzise zona phakathi nesifundo ukuze babasize babone izinzuzo zokudwebela. Mncome lapho esilungiselela isifundo

  • Mbonise ukuthi kulungiselelwa kanjani. Lapho beqala ukufunda nothile, abanye abamemezeli basebenzisa sonke leso sikhathi sesifundo ukuze babonise abafunda nabo indlela yokulungiselela