Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 25

“Hlalani Nilindile”

“Hlalani Nilindile”

25:1-12

Nakuba umfanekiso kaJesu wezintombi eziyishumi ubhekiselwe kubalandeli bakhe abagcotshiwe, umyalezo wawo oyisisekelo usebenza kuwo wonke amaKristu. (w15 3/15 9-14) “Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora.” (Math 25:13) Ungakwazi yini ukuchaza lo mfanekiso kaJesu?

  • Umkhwenyana (uvesi 1)—UJesu

  • Izintombi ezihlakaniphile, ezizilungiselele (uvesi 2)—AmaKristu agcotshiwe azimisele ukwenza isabelo sawo ngokwethembeka nakhanya njengezinkanyiso kuze kube sekugcineni (Fil 2:15)

  • Ukumemeza, “Nangu umkhwenyana!” (uvesi 6)—Ubufakazi bokuba khona kukaJesu

  • Izintombi eziyiziwula (uvesi 8)—AmaKristu agcotshiwe aphuma eyohlangabeza uMkhwenyana kodwa awaqhubeki elindile futhi awabugcini ubuqotho bawo

  • Izintombi ezihlakaniphile ziyenqaba ukuphisana ngamafutha azo (uvesi 9)—Ngemva kokubekwa kophawu lokugcina, kuzobe sekwephuze kakhulu ukuba abagcotshiwe abathembekile basize noma ubani oyekayo ukuthembeka

  • “Umkhwenyaka wafika” (uvesi 10)—UJesu ufika ngasekupheleni kosizi olukhulu ezokhipha isahlulelo

  • Izintombi ezihlakaniphile zingena nomkhwenyana edilini lomshado, umyango uyavalwa (uvesi 10)—UJesu uqoqela abagcotshiwe abathembekile ezulwini, kodwa abangathembekile uyabalahlekela lo mvuzo