Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli

Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli

Izinto ezibukwayo zenza umuntu agxilise ingqondo, zimsize nokuba akuqonde futhi akukhumbule lokho akufundayo. UMfundisi wethu Oyinhloko uJehova wasebenzisa izinto abantu abazibonayo ukuze abafundise izifundo ezibalulekile. (Gen 15:5; Jer 18:1-6) Umfundisi wethu Omkhulu uJesu naye wazisebenzisa. (Math 18:2-6; 22:19-21) Enye yezinto ezibukwayo eye yaba usizo kakhulu kule minyaka yamuva yividiyo. Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele amavidiyo lapho ufundisa ofunda nabo iBhayibheli?

Kunamavidiyo ayishumi alungiselelwe ukusisiza lapho sifundisa ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Ngokuvamile, isihloko sevidiyo ngayinye sihambisana neminye yemibuzo ebhalwe ngokugqamile kule ncwajana. Incwajana esemishinini yethu yezobuchwepheshe eku-jw.org izosikhumbuza lapho sekudingeka sidlale ividiyo ngokuba ibe negama le vidiyo esingalichofoza. Ngaphezu kwalokho, kukhona namanye amavidiyo esingawabuka lapho sifunda izincwadi zokutadisha ezihlukahlukene eziseBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa.

Ingabe nixoxa ngendaba ethile eseBhayibhelini okungase kube nzima ukuba ofunda naye ayiqonde? Noma ingabe ofunda naye ubhekene novivinyo oluthile? Cinga kumavidiyo aku-jw.org® naku-JW Broadcasting® ukuze uthole ividiyo engamsiza. Mhlawumbe wena nofunda naye ningabuka enye yalawo mavidiyo ndawonye bese nixoxa ngayo.

Inyanga ngayinye kukhululwa amavidiyo amasha. Lapho uwabuka, cabanga ngendlela ongawasebenzisa ngayo lapho ufundisa abanye.